Skip to main content

Arbor Day iGujwe ngokuhlonipha Ezemvelo E-Mzimkhulu

04 September 2025

I-Harry Gwala District Municipality ngokubambisana noMnyango wezekuthuthukisa komnontho, Ezokuvakasha, Kanye nokungiwa kwemvelo (EDTEA) kanye nenhlango elawula ephinde ivikile izilwane nezinsiza zemvelo esifundazweni (Ezemvelo KZN Wildlife). Namuhla zingu- 04 Kumandulo 2025 bahlanganyele kumbiyozo owaziwa ngokuthi usuku lemithi ( Arbor Day) ehholo lomphakathi iClysdale Community Hall, ku Ward 17 endaweni YaseMzimkhulu.Inhloso yalo mkhosi kube ukukhuthaza izakhamuzi ukuba zinakekele imvelo,Isimo senhlala kahle kanye nezokutshala emiphakathini.

Lo mcimbi, ubusingathwe Umama uMeya waseMzimkhulu uCllr. Jabulile Msiya, IMeya yesifunda Ucllr Z D Nxumalo, iNkosi uZimema kanye nama Khansela aphuma ngaphansi komasipala iHarry Gwala. 

iMeya Cllr. uJabulile Msiya lamukele zonke izethameli ezithe zahambela lomcimbi wase encoma umphakathi ngokuzibandakanya ekugcineni Isimo senhlala kahle nophepha kwemvelo “ Lokhu sikwenza ngenhloso yokuthi umaspala wethu uhleli uhlanzekile futhi uqwashile ngokunakekela imvelo nesimo senhlala kahle okuzokwenza ukuthi umuntu ongazi ethande ukuthi avakashe ezindaweni zangakithi umnotho uthuthuke kudaleke namathuba omsebenzi. 

Umeya waseMzimkhulu Ucllr Jabulile Msiya kanye noMeya wesifunda u Cllr ZD Nxumalo nethimba Lwezomnyango wezokuthuthukisa nomnotho, Ezokuvakasha Kanye nokungiwa wemvelo (EDTEA) ne Ezemvelo KZN Wildlife babe sebehambela indawo yokulahla udoti iCysdale Dumping Site lapho khona ebekunizelwa khona izinsiza kusebenza kuphinde kuqhuqhuzelwa isimo senhlala kahle nophepha kwemvelo emphakathini, Baphinde bahambela I LUNCEDO ESD Pre- School lapho ekufike kwatshalwa khona izihlahla ngenhloso yokuhlanza, ukugcina isimo senhlala kahle kanye noqhuqhuzela ezokutshala .Uthisha omkhulu ukuthakasele kakhulu lokho wabe esedlulisa okukhulu ukubonga nokunconcoza Ku Harry Gwala District Municipality ngokubatshalela izihlahla .

iMeya Yesifunda ukhansela Z. D NXUMALO ube esephetha ngokuthi “Namhlanje sifaka isipikili sokuqinisekisa ukuthi ukutshala izihlahla kube yinto eqhubekayo njalo. Izihlahla ziwumthombo wokuphila, zisihlinzeka ngomoya-mpilo, zigade amanzi nomhlabathi, futhi zakha amathuba omsebenzi. Ngikhuthaza umphakathi ukuthi singaphezi lapho kuphela – asitshale amakabishi, amazambane, nobhontshisi, sifuye nezinkukhu ukuze sinciphise izindleko zamagrosa, silwe nendlala futhi sibuyele emasisweni sikhulise umnotho wethu.’’